Isifundo 8 ukulungiselela u Ncwaba 22 2020 UJesu
Isifundo 8 ukulungiselela u. Ncwaba 22, 2020
UJesu wenza okungaphezulu kokushumayela ngombuso wezulu. Wayehlala phansi nabantu, ebalalela, ebaphatha ngobumnene. Wazama ukwanelisa kokubili izidingo zabo zesikhashana kanye nezaphakade. Uyisibonelo okumele silandelwe uma kusetshenzelwa abanye. Ukukhanya kwezwe Ukuphathwa ngobumnene Ukwanelisa izidingo zabo Okubaluleke kunakho konke Okumqoka ku. Jesu
UKUKHANYA KWEZWE “Ngakho u. Jesu waphinda wakhuluma kubo, wathi, ‘Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila. ’ ” (Ngokuka. Johane 8: 12) UJesu weza kulomhlaba ukuzosusa ubumnyama besono ngokukhanya kwensindiso (Ngokuka. Johane 1: 4 -5; 3: 19 -21). Wayehlanganyela nabantu ukuba enze lokho. “Wayehamba enza umusa, ephulukisa bonke” (Izenzo 10: 38). Wasikhuthaza ukuba silandele isibonelo sakhe ngezibonelo ezimbili (Ngokuka. Mathewu 5: 13 -14): 1. Usawoti kumele uhlanganiswe nokudla ukuze usebenze kahle uzwakalise ukunambitheka kwako. Kufanele sibe sezweni ukuze silikhulelise ngevangeli (Ngokuka. Johane 17: 15 -18). 2. Ukukhanya kumele kukhanye ebumnyameni obuseduze , emakhaya, emalokishini, nasemadolobheni, kubakhanyise ngenkazimulo ka. Nkulunkulu (Kwabase. Filipi 2: 15).
“Akuyona intando ka. Nkulunkulu ukuba sizahlukanise nezwe. Kodwa lapho sisasezweni kufanele sizahlukanisele u. Nkulunkulu. Akufanelanga silandele okwasezweni. Kufanele sibe sezweni njengomthelela wokulungisa, njengosawoti osagcine ubusawoti bawo. Phakathi kwabangenabungcwele, abangahlambulukile, isizukulwane esonakele, thina kufanele sibe ngabahlambulukile nabangcwele, sibonise ukuthi umusa ka. Kristu unamandla okubuyisela isimo sobu. Nkulunkulu ebantwini. Kufanele sibe nomthelela osindisayo ezweni. ” E. G. W. (Counsels on Health, p. 592)
UKUPHATHWA NGOBUMNENE “Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu. ” (Kwabase. Kolose 4: 6) UJesu wayefumana okuhle kwabanye abantu akudalule (Ngokuka. Mathewu 8: 10; Ngokuka. Marku 12: 34). Ngaleyondlela, izinhliziyo zabo zazivuleka ekuzweni amazwi ka. Jesu. UJesu wayenomusa kangangokuthi wayeqaphela ukuze angathobalalisi kungenasidingo umuntu osafika ekukholweni noma ukucima ukulangazelela okuncane kokholo okusezinhliziyweni zabo (UIsaya 42: 3). Kufanele sifumane okuhle ngabantu abasizungezile futhi sibazise ukuthi siyabathokozela. Ngaleyo ndlela siyoba nomthelela omuhle ezimpilweni zabo.
UKWANELISA IZIDINGO “Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi, ‘Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho. ’” (Ngokuka. Mathewu 9: 2) Jesu wayebona izidingo zabanye abaphulukise emzimbeni, engqondweni, emphefumulweni, kanye nasemoyeni. Wayelungisa izinkinga zabo maqede abamemele ekufuneni ukuphila okuphakade: “uthethelelwe izono zakho”; “ukukholwa kwakho kukusindisile”; “hamba usona. ” (Mathewu 9: 2; Luka 8: 48; Johane 8: 11) Kufanele sinakekele izidingoungabe zabanye futhi sizame ukuzanelisa uma sinakho. Uma sanelisa izidingo zabo, sivula nomnyango wokubabonisa ukuthi bangasigcwalisa kanjani isidingo esikhulu sabo bonke abantu (ngisho nanoma bengasazi): ukukhululeka esonweni, nokuphila okuphakade; okungu, Jesu.
OKUBALULEKE KUNAKHO KONKE “UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke. ” (Mathewu 9: 35) Umsebenzi ka. Jesu wawusekelwe ezinsikeni ezintathu: Ukushumayela. Ukwelapha. Ukufundisa. Ukutshela uzixuku Ukuphulukisa abantu Ukufundisa iqiniso ezinkulu ngothando ezinkingeni zabo lombuso ezixukwini luka. Nkulunkulu zezempilo ezincane necebo lakhe okwesikhashana losindiso Yiyiphi enye yalezinsika eyayibaluleke kakhulu ku. Jesu? (Marku 1: 38) Weza kulumhlaba “ukuzofuna nokusindisa okulahlekileyo. ” (Luka 19: 10). Ngakho ke, ukushumayela ngosindiso nokufundisa abanye ukwenza lokho kwakubaluleke kunakho konke. Ngaphandle kwalokho, yileso naleso senzo sokwelapha kwakuyithuba lokuveza isimilo sika. Nkulunkulu nokunikeza ithuba lokuphila okuphakade.
OKUMQOKA KUJESU “‘Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe, ngelaphe izilonda zakho; ‘usho u. Jehova. ’(UJeremiya 30: 17) UNkulunkulu usebenzise abaprofethi ukukhuluma ngesifo esingalapheki sabantu: isono (UIsaya 1: 5; UJeremiya 30: 12). UJesu uzimisele ukubona wonke umuntu elaphekile kuleso sifo, nokubona labo asebelaphekile beletha ukuphulukiswa nakwabanye. UJesu wasebenzisa imizekeliso emithathu ukukhuluma ngokuphela kwesikhathi ku Mathewu 25. Zisikhuthaza ukuba sigcwaliswe ngo. Moya o. Ngcwele nokuthi sisebenzise iziphiwo asinike zona ngokwethembeka. Emzekelisweni wokugcina, wachaza isimilo som. Kristu wangempela. Labo abaphilela ukukhonza abanye kunokuba bazicabangele bona uyobamukela.
“Umusa ka. Kristu owambulwe kithina kufanele wembulwe ngesineke kwabanye. Ukunakekela okukhulu nesihe kuyogcwalisa imiphefumulo yabantu abasabuswa wu. Sathane. UKristu kufanele aphindwe kuyena wonke owesilisa nowesifazane okholwa kuye, ngokuba kufanele baphile kabusha impilo ka. Kristu ngokubusisa nokukhanyisela nokuletha ithemba nokuthula nenjabulo ezinhliziyweni zabanye. ” E. G. W. (Our Father Cares, May 20)
- Slides: 9