Indlela Yokukhulelwa Okunempilo Umzimba wowesifazane uguquka kaningi uma
Indlela Yokukhulelwa Okunempilo
Umzimba wowesifazane uguquka kaningi uma ekhulelwe. Kunomuntu ophila ngaphakathi kwakhe. Uzodinga ukudla okuningana, ukuphumula, nothando okungaphezu kolwakuqala. Noma yini engalimaza umzimba wakhe, ingalimaza nomntwana.
Owesifazane okhulelwe udinga ukudla kahle ukuze abe namandla okusebenza, alwe nezifo, ahlale ephilile. Ukudla kahle kuvikela amazinyo namathambo kamama, kwenze umntwana akhule enamandla esiswini. Uzoba namandla mhla ebeletha futhi angophi kakhulu. Ukudla kahle ngezinyanga zokukhulelwa kusiza umama ekulweni namagciwane nokululama ngokushesha ngemuva kokuzalwa komntwana. Ukudla okuhle kuzomsiza futhi abe nobisi oluningi
Yikuphi ukudla okufanele ukudliwa abasifazane abakhulelwe?
Irayisi Amazambane Ubhatata Ipasta Isinkwa Ummbila
Isibonelo, isinkwa esinsundu singcono kakhulu kunesimhlophe. .
…futhi irayisi elinsundu lingcono kakhulu kunelimhlophe
Kodwa lezinhlobo zokudla azenele komama abakhulelwe. Badinga ukudla nokunye ukudla njengobhontshisi, uphizi, ama-lentil, amakinati nezimbewu. Kungcono kakhulu ukudla lokhu kudla kunokudla inyama noma inhlanzi. Kodwa uma kungatholakali, yidla kancane inyama noma inhlanzi kanye nokudla kwasendaweni.
Abesifazane abakhulelwe badinga amavithamini anezelwe nama-minerali ngakhoke abadle izithelo eziningi nemifino.
Kukhona ama-minerali amathathu abalulekile adingwa abesifazane abakhulelwe zonke izinsuku
1. i-Ayoni 2. i-Calcium 3. i-Iodine
I-ayoni iyadingeka ukuze umntwana abe negazi eliphile kahle. Okunye ukudla okune ayoni yilokhu:
Ubhontshisi Ama-lentil Utiligi Imifino enamahlamvu aluhlaza kakhulu
Umntwana uzodinga ne-calcium ukuze kwakheke amathambo namazinyo, kakhulukazi ezinyangeni zokugcina zokukhulelwa. Le-calcium itholakala emzimbeni kamama ukuze kukhule umntwana. Uma owesifazane engadli ukudla okune-calcium eyenele, noma engathathi amaphilisi e-calcium, amathambo namazinyo azoba buthaka.
Ukudla okune-calcium eningi yimbewu yesesame, utiligi, ubhontshisi, imifino enamahlamvu aluhlaza naphuzi, kanye nobisi noma amasi.
I-iodine yiminerali ebalulekile empilweni yethu. Asidingi eningi, kodwa sidinga ukuba nethile njalo ekudleni kwethu. Usawoti umthombo omuhle wayo uma ifakiwe. Zama ukuthenga loluhlobo lukasawoti olune-iodine. Kodwa khumbula ungawusebenzisi kakhulu usawoti ngoba ungabanga izinkinga zempilo, njengokuvuvuka kwezinyawo nokwenyuka komfutho wegazi. Ukhula lwasolwandle nenhlanzi yasolwandle nazo zineiodine.
Ngaphandle kokudla kahle, kunezinye izinto esingazenza. Ukuhlanzeka kubalulekile ukuze umuntu ahlale ephilile ngesikhathi sokukhulelwa. Geza umzimba njalo, uxubhe zonke izinsuku. Ukuhlanzeka kuzosiza ukuvimbela amagciwane.
Nyakazisa umzimba.
Abesifazane abasebenza behlezi noma bemile emahhovisi, ezitolo noma emafektri, noma abasebenza ezindlini, bavame ukudinga ukuzivoca kakhudlwana. Uma uchitha isikhathi esiningi uhlezi, zama ukuhamba zonke izinsuku. Ukunyakazisa umzimba kukugcina unamandla futhi kusiza abakhulelwe ukuthi balungele umsebenzi omkhulu wokubeletha. Futhi kwenza owesifazane abe namandla, athokoze.
Ukuphumula kubalulekile nakho.
Kuhle ukuthi okhulelwe ake ahlale aphumule izikhathi ngezikhathi, abeke izinyawo phezulu noma acambalale. Umndeni ufanele wazi futhi wamukele ukuthi kubalulekile kuyena ukuphumula, noma ngabe kusemini.
Ungaphuzi utshwala, ungasebenzisi izidakamizwa, ungabhemi futhi ungahlafuni ugwayi. .
Utshwala kungenza umntwana azalwe ekhubazekile, abe nekhanda elincane nobuchopho obuncane kakhulu. Ngenxa yalokhu, umntwana angaba nengqondo ethatha kancane. Owesifazane ophuzayo uvame ukungadli ngendlela efanele. Lokhu kungaholela kwezinye izinkinga zempilo kuyena nomntwana.
Izidakamizwa ezinjenge-opium, heroin ne-cocaine ziyingozi embi. Uma okhulelwe ezisebenzisa, umntwana angase azalwe enokukhubazeka, mhlawumbe afe nokufa. Futhi nomntwana angagqilazwa yilezidakamizwa, ahlukumezeke kakhulu empilweni yakhe. Owesifazane osebenzisa izidakamizwa unethuba elikhulu lokuguliswa yingculazi, bese eyidlulisela emntwaneni.
Ukubhema kokhulelwe kubi ngokwedlulele. Kunciphisa imithambo. Lokho kwenze ukuthi kunciphe nokudla nomoya okuya emntwaneni esizalweni sakhe. Umntwana uyalamba, angakwazi ukukhula kahle. Kanti angagula aze afe khona esibelethweni.
Ungaphuzi iziphuzo ezine-caffeine (ikhofi, itiye neze-cola) Ikhofi, itiye neziphuzo ze-cola kune caffeine. Abakhulelwe abaphuza leziphuzo basengcupheni yokuthi abantwana babo bafe bengakazalwa.
I-caffeine ingalimaza imizwa yomntwana. Ekukhuleni kwakhe umntwana angaba oyaluzayo, angakwazi ukuhlala athule alalele kahle. Lokhu kungamhlupha ekufundeni esikoleni. Kungcono ukuthi bonke abasifazane bazigweme lezinto ezilimazayo, ngoba abaningi abazi ukuthi bakhulelwe kuze kube inyanga yesibili. Ngaleso sikhathi umonakalo sewenzekile emntwaneni.
Gwema ukudla imithi ngokungadingekile ngesikhathi ukhulelwe Uma owesifazane edla umuthi, ungena egazini lakhe, udlulele egazini lomntwana. Imithi ewusizo kwabesifazane abadala ingamlimaza umntwana osesesiswini.
Lemithi eyingozi ihlanganisa nale: . Owokukhwehlela. Owezinhlungu. Amakhambi asekhaya anamandla, izintelezi, nemithi yesilungu njengeyokuvimbela izifo (antibiotics).
Hlala ngokubona udokotela ngesikhathi sokukhulelwa
UNkulunkulu uyasinakekela futhi ufuna sizithokozise ngempilo nenjabulo. Eminyakeni eminingi eyedlule, u. Nkulunkulu wakhuluma kowesifazane okhulelwe wathi…
“Ungaphuzi iwayini naluphuzo olunamandla, ungad li lutho olungcolileyo. ” (Abahluleli 13: 4).
USDA Nutrient Data Base for Standard Reference, Release 12, 1998. Manufacturer's information. 2 New Living Translation
- Slides: 33